Izibongo zeNkosi uDingane

UVezi uNonyanda uMgabadeli,Owagabadela inkundla yakwaBulawayo,Odonswe ngezintab’ezimakhelekethe,UVezi wakwaSimangalunyawo,UMbombosh’omnyama,UVemvane lukaPhunga noMageba,UVemvane olumabal’azibhadu,Ngibe ngiyalithinta lwahwaqabala,LunjengoPhunga waseBulawini,LunjengoVuma kubangoma,Obuz’amanz’eMbozamo andukuwela,Amanz’eMbozam’;osal’ebabaza,Owel’iMbozamo ngumtakaJama,Wawel’iMbozamo kwash’iziziba,Ebegez’uDukuza neNkinsimana,Beyigeza bebheke kithi KwaZulu,Nanamuhlanje abanini beMbozamo,Basamangele,Kumangel’uManqondo wakwaShiyabanye,Kwamangala uPhampatha

Read More

Izibongo zeNkosi uSenzangakhona

Umjokwana kaNdaba, usala kutshelwaUsal’ ukunyenyezelwa.UMenzi kaNdabaIbhid’ elinamathetha nangezinyembezi,LinjengelikaPhiko waseBulawini.Inyath’ ehamb’ isengam’ amazibukoInjengoMzingeli kuMamfekane.Ozithebe zihle, uMjokwane,Ozithebe zihle zidlel’ amancasakaziOdl’ umfazi, umkaSukuzwayoWamudl’ naye uSukuzwayo nendodana.Wamudl’ naye uMahamule

Read More

1 9 10 11