Izibongo zeNkosi uDingane
UVezi uNonyanda uMgabadeli,Owagabadela inkundla yakwaBulawayo,Odonswe ngezintab’ezimakhelekethe,UVezi wakwaSimangalunyawo,UMbombosh’omnyama,UVemvane lukaPhunga noMageba,UVemvane olumabal’azibhadu,Ngibe ngiyalithinta lwahwaqabala,LunjengoPhunga waseBulawini,LunjengoVuma kubangoma,Obuz’amanz’eMbozamo andukuwela,Amanz’eMbozam’;osal’ebabaza,Owel’iMbozamo ngumtakaJama,Wawel’iMbozamo kwash’iziziba,Ebegez’uDukuza neNkinsimana,Beyigeza bebheke kithi KwaZulu,Nanamuhlanje abanini beMbozamo,Basamangele,Kumangel’uManqondo wakwaShiyabanye,Kwamangala uPhampatha