Izibongo zeNkosi uJama

Izibongo zeNkosi uJama

UJama kaNdaba,
Ujama akaluthwana kangakanani
Nasenhlamvini yomkhont’ angenela,
Nasengatsheni angaphathelela.
Obengumqingo wanga yitshe laseZihlalo,
Ebelingalayezwa ngabaphath’ izindlela,
Thina bamaklwa singathath’ ichoba sophule.
UMabopha wakithi kwaZwangendaba
Ongibophe zaluk’ inhlazane nemfuduluko.
Obabis’ ihlaba elikuMahogo;
Othabis’ idukumbane elikuNgcingci
Owahlafun’ umlom’ engadli lutho,
WangokaLuhlafu wawoNogeqwa.
Ujama ubengabongwa injenje yaseMabuleni.
Omvukazi zinonye zal’ ukuwela,
Inga zintandathu zingagubhuza.
UBhoqo wamil’ emandakhanjana.
Abayi benkani bangawusiphula,
UBuchakijana bakithi bakwaSidlozi,
Bumba mgojana buyaselela,
Yibinda Nkosi…!