Izibongo zeNkosi uDingane

Izibongo zeNkosi uDingane

UVezi uNonyanda uMgabadeli,
Owagabadela inkundla yakwaBulawayo,
Odonswe ngezintab’ezimakhelekethe,
UVezi wakwaSimangalunyawo,
UMbombosh’omnyama,
UVemvane lukaPhunga noMageba,
UVemvane olumabal’azibhadu,
Ngibe ngiyalithinta lwahwaqabala,
LunjengoPhunga waseBulawini,
LunjengoVuma kubangoma,
Obuz’amanz’eMbozamo andukuwela,
Amanz’eMbozam’;osal’ebabaza,
Owel’iMbozamo ngumtakaJama,
Wawel’iMbozamo kwash’iziziba,
Ebegez’uDukuza neNkinsimana,
Beyigeza bebheke kithi KwaZulu,
Nanamuhlanje abanini beMbozamo,
Basamangele,
Kumangel’uManqondo wakwaShiyabanye,
Kwamangala uPhampatha wakwaNkinsimana,
Isizib’esiMavivana Dingane,
Isiziba esinzonzo sinzonzobele,
Siminzise umuntu ethi uyageza,
Waze washona nangesicoco,
Ngobucoco ngimbonile,
Ubephuma laphaya kwaSodlabela,
UNgama yena waseMaphiseni angavuma,
Uqambi lankomo,
Ukuba zilahlekile,
Ziyakufa uMdlebe kwaSoshangane,
Ezinye ziseMatikhulu,
Ezinye ziseMkhumbane,
INkone ethi isenkone kwephuk’isihlalo,
UGwebhesh’ongamanz’okuhlalela,
UNomashikizela, Umashiyimpi yakhe,
UMziziny’ungamathunz’ezintaba,
UFipha luyindlov’enamanxeba,
ULuhlaza lwangayinyongo yenyamazane,
UMhlophe owakhanya ukusa kwadabuka,
Wangangabazigeli bakwaMavela,
Ababezingela izimbongolwana,
USela lintongande lawoBaleka,
Lithabathe umshiza lawetshatha,
Liyakugalela ngawo emaNkenganeni,
INdlov’ekulala kungqwambayiya,
Ezinye ziyalala ziyathokoza,
UMvusi omnyama wawoSikhakha,
Ovusel’abantu ukuhlatshwa,
INkom’ekhal’osizini kwaNhlapho,
Umlomo yawubhekisa kithi KwaZulu,
Izizwe zonke ziyizwil’ukulila,
Yezwakala kuNhlapho kwaMlambo,
Iye yaziwa ngamaNtungwa akwaSokhumalo,
AmaNtungwa odwa esab’ukumehlela,
IZichwe uVezi azimhlabanga eya phambili,
Zalibala ukumbuka izinyawo,
Zathi ziyakumhlaba esegoduka,
Kuth’esegoduka zase zilibele,
Ukubamb’izingxangx’emfuleni,
Bantu ninemihlola ngaseNsingweni,
Gijimani niyotshela abakwaMashobana,
Nifike nithi lukhulu luyeza luyanyelela,
Silufanisa noNdaba wawoBayeni,
Silufanisa noPhunga noMageba,
AbakwaMashobana belelesile,
Bazibukule itshe linemamba,
Sebejiyelwe nokulisibekela,
Ohlangane nodwendwe lwamaQhikiza,
Wadla uNginani kuMakhosazana,
Wadla uNgiyalile kuMakhosazana,
Wadla uNozipholo engowaseNdinaneni,
Wadla uNtasane noNozinyanga,
kwaMashobana,
Wathi bayobona inkundla,
yakith’eMgungundlovu,
Wadla uMahabulangweb’isashisa,
kwaMashobana,
Wadla uNsizwazana unina kaMzilikazi,
kwaMashobana,
Wadla uKhwababa-esambath’impaka,
kwaMashobana
Wadla uMlomodlelememaveni njengembuzi
kwaMashobana
Wadla uMhlane beleth’igudu kwaMashobana
Wadla uMlomo wezinqaba kwaMashobana
Wadla uGundane kumitha kwaMashobana
Wadla uNkomo ikulala kulukhuni khona
kwaMashobana
Ngikhuluma nje nanamuhla
Akuphekwa kwaMashobana
UMashewulana ongazembe loMlungu
Ubengababele lutho kwaMashobana
Ubeyocel’inkwelo eMhlahlandlela
Ethi kumbe bangamtsheleka
Isihlangu sikaMzilikazi
Sasal’entaben’ende yeMpama
Sesiswele nendoda esithathayo
UMancwaba wezwe lamaphethelo
Lona lincwaba emikhemezelo
UVezi bath’umoya mnandi
Ngokunuk’inyama
UBhungebhu ongaboya bengonyama
UVezi uyadla’umhlane uvele
Ngokuswel’iqoq’elimsithayo
IZibuko likaNdaba
Elimadwala abushelelezi
Lashelel’uPiti nendodana
Owadla uPiti kumaBhunu
Wamudla wamshwabadela
Odle uMzibhelibheli kumaBhunu
Wadla uPhuzukuhlokoza kumaBhunu
Wadla uHwahwini kumaBhunu
Wadla uJanomude kumabhunu
Wadla uJanejembuluki kumaBhunu
Wadla uMazinyansakansaka kumaBhunu
Wadla oSisini kumaBhunu
Wamfimfitha wamkhafula
Wathi bayababa kabananyongo
Kabanamehlo
Wadl’iMihloph’emibili
Omunye kunguPiti
Omunye kunguNoziwana
UMkhwamude wangisik’isilevu
Usungulo lwangithunga impumulo
INdiha lebabayo enjengebhaha
Sona simababa kuMahashanga
UVezi ngimfumene bemzila
Ngafike ngamudla
Kanti ngizifaka iloyi esiswini
Vezi!
Kof’abantu
Kosal’izibongo
Yizona zosala zibadabula
Yizona zosala zibalilela emanxiweni
UJonono ongantonga yezulu
Ibhaka lamanzi lawoNdikidi
Lisibekel’izinkomo zamaSwazi zanyamala
NoNgwane kaZikode wanyamalala
Ofingq’amehlo ethunzi lentaba
Wangangabazingeli bakoNogenya
Abazingel’izimbongolwana
USobathintela !
UMalamlela !
Owalamulela abafazi namadoda
Walamulela izintombi namasoka
IMbuzi kaDambuza benoNdlela
Abayibambe ngendlebe yabekezela
AyinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni
Yona ayibambe ngendlebe
Yadabula yaqed’amadoda
Obhambathe iNgome iphezulu
Izinkomo zikaBheje zaphuma zamlandela
Ziphume zinqini zonkana
Wadl’Mabhede kwelikaBheje
Wadl’uNgazana kwelikaBheje
Wadl’uMabelengiphela koNtshosho
UPheqe ongakumana kwamaqhikiza
UMsuthu owadla izinyosi zemukela
Abanye bezidla ziyazalela
UVezi owadl’ezivezayo emaZimeleni
Owadl’ezikaMananga nezikaMandeku
Wadl’ezawoMagcekeni kwaNonkokhela
Wadla nezasoPhondweni emaZimeleni
IDingwa lezinkomo zawoButhikazi
NezawoNomaphela
UBhaxa liyakhula
Bayasola baphathela
NabawoNoqongqo nabawoDladlama
wakwaMajola
Ithole elinsizwa lakokaDonda
Elihamba liwakhahlela
Amanye amathole
Izingazi zaphuma ngezimpumulo
Ngoba lakhahlela elakwaBulawayo
Lakhahlela uMagaye kwaDibandlela
Lakhahlela uNzwakele kwaKhushwayo
Lakhahlela uMadlanga wasEkuvukeni
UMakhonjwa ngendololwane
Konj’imininwe izakukhomba abanjani
UMshingili ongaziNdlovu
Zihlatshwa ngabanini mahlanga
Obeyaye ngapho wabalekelwa
Ngokuswel’iqoq’elimsithayo
UMkhont’owadum’ekuseni eSwazi
Wadl’uNdomba induna kaMswati Swazini
Wadl’uGebhuzizulu ezinduneni zikaMswati
Wadl’inceku kaMswati uNdibindwane
Edl’iminkantsha
Wadl’uNzimanzana eLudidini
Wadl’uHhohho eSwazini
Wadl’uSiphika eSWAZINI
Wadl’uPhambana nabahluzayo
Wadl’uNoziwawa
UBhelekeqe ungayinkomo ekHALIMAYO
Kungathi bayibangile nabakwaZulu
Umpha nkomo inabele
Umgud’ungazindlelaeziya eNhlangeni
Sigquma khuluma bawuzwe umoya
Abasezitheni nabasemakhaya
USigquma kakhulumi kanamlomo
AkanjengoDlondlwane lwakithi kwaBulawayo
Lona olwaqed’umuzi ngokunkenkeza
Owamemez’amaNTUNGWA akwaSOKHUMALO
Kwasabel’uMdleleni kwasabela uMakhatha
UMalunguza izindonga kandukuwela
Ogeze izandla zaze zomel’eBandla
Ngokuba nhliziyonhl’emadodeni
INzima leyikwena koMkhumbane
Khona kwena kungafakwa lunyawo
Ugaga ngamanzi angawes’umlomo
Amanzi odwa asal’ebabaza
Mlung’ungapheshela komfula
Omunye enganeno
KukaMpehlela noMaqhwakazi
UNdaba ungithume phezulu
Ngabuya ngaqangqatheka
Ngalala ngidlile nangakusasa
Nangolwangomhlomunye
Gijimani ngazo zonke izindlela
Nime phezu kwamadwala
Niyobikela uNsimbini noMahlakeza
Ukuthi kabamazi uVezi
Ukuthi yiNsizwa kubi
Angahl’athathe isihlangu
Asihlom’umgobo
Ame ngasemnyango kwaMpikase
NakwaBhibhi kuze kuse evevezela
Engasalalanga nabuthongo
Idadane belimzimba muhle
Nangendlala enkulu
INdlandlama yakithi eMgungundlovu
Inkone evele ngobuso eMantiyane
Yadla ezawoGuluzana kaManaba
Uvivi lungamnyama wokusa
Uyishaye iziyingi
Phesheya kweMpofana
Kwasabel’uSithungu noSithulu
Bathi zishaye ngezelongwe
Zibizwa yinduku yeThusi
Yakithi eMgungundlovu
UPhondo lwendlovu uMashiqeka
Belushiqel’Mandlanga ngasoFasimba
Inhlabathi yoNdi noKhahlamba
Ngifice abakwaMalandela beyihlela
Nami ngafika ngahlala phansi ngahlela
ISilwan’esibanga izililo
SakokaMlilela
Samxosh’uMzilikazi
Sayombeka lapho ilanga
Lingashoni khona
Wadl’uNkayishana kaMashobana
Wadl’uNokufa emakhosikazini
kaMzilikazi aseNsingweni
Wadl’uNothando emadodakazini
Ezigodlweni zikaMzilikazi
Wadl’uNozinhlwathi inkosazana kaMzilikazi
Wadl’uNomabhunu kwaMashobana
Wadl’uNomabhudle kwaMashobana
Wadl’uDambuza-mthabathe
Ezinduneni zikaMzilikazi
Wadl’uDumaphansi ezindneni zikaMzilikazi
Wadl’uDidiza ezincekwini zikaMzilikazi
Wadl’uNdengezimashumi
Ezincekwini zikaMzilkazi
Wadl’uMginqilizana kwaMashobana
Wadl’uGolela kwaMashobana
Wadl’uChachaza kwaMashobana
Wadl’uPhuzukuyekela kwaMashobana
Wadl’uNkomedlemeveni kwaMashobana
Weza nesibhoma sikaNomanhlala
Alidume!
Alidume leyame ngentaba
Aleyame ngoMpehlela noMaqhawakazi
Ophendule onyana bezindlwana
Ubhungebhu ongaboya nengonyama
Yona ibineziyephunga nasemlenzeni
Ntong’enzimande uMalamlela
Ntong’enzimande ngokushaya amadoda
Uze noNolube ezinyangeni zaseSwazini
Uze noSamvu ngakubaLondolozi
ngaseSwazini
Udl’uMthunz’ohlalabaLondolozi
ngaseSwazini
Uthathel’uThekwane ezalwa nguSobhuza
Uze noNomaphela waseNtabathweni
Uze noNgiyaphela wakwaGcwensa
kwaMagonondo
Ngqongqo yemikhonto ibang’izililo
INkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane
Ezinye ziyokufa umdlebe
UNjunju weziTholatholi
USimakade saMakhosi
USomnandi wami
Woza ngang’umlomo
Ngingaze ngisale
Ngibenomngandeni
IHwanqa eladl’amanye amaHwanqa
Ngoba ladla uPiti kwabaseMgungundlovu
UKlebe ukwehla kwezikaMagaye
Uth’eseMhodi wanyamalala
Unyamalala ngakhona uKlebe
Ubengenaso isiphuku sokwembatha
Sasisele kwaMashangisa
Wayembethe ubuyiyane bezinyoni
Wadl’uZihlandlo kaGcwabe
Ethi ukuwela ukweyama
Wadl’uMashukumbela kaGcwabe
Eth’ukuwela ukweyama
Wadl’uMagaye kaDibandlela
Yibinda Nkosi…!