Izithakazelo zesiZulu

Bhengu

Ngcolosi!

Wena wakwaDlabazane,

KaNgwane, kaNephu kaLamula,

Nyawo zigezwa ngamazolo.

Nina enivuka nixubhe ngelala,

Shongololo!

Wathi uyalithinta lahwaqabala

Ngabe siyakudla sesab’imilenzelenze,

Nyawo zeshongololo kaziphumuli.

Sigampu

Ngwane, ingwani ngwadi.

Abayibone ngesond’ukuthi iwelile.

Jali!

Nina enilala nomunwe,

Nivuke nikhwif’ilanga.

Mmemezi kaHlangabeza!

Ngcolosi!

Cele

Ndosi!

Khumbuza,

Nkomo kayivuswa,

Nkomo isengw’ilele,

Ngob’ingenakuvuswa muntu!

Kwasiqunga esihle,

Esizalel’amazinye namasakabuli!

Dibandlela!

Magaye!

Vico akagezanga,

Obuye nensil’emfuleni,

Ngob’ethembe ukugeza ngobisi!

Ndlovu

Gatsheni!
Boya benyathi!
Buyasongwa buyasombuluka.
Mpongo kaZingelwayo!
Nina bakwaNdlovu zidl’ ekhaya,
Ngokweswel’ abelusi.
Nina bakwaKhumbula amagwala.

Nina bakwaDemazane ntombazane
Nina bakwaSihlangu sihle.
Mthiyane!
Ngokuthiy’amadod’emazibukweni.
Nina bakwaMdubusi!

Gumede

Gumede

Yeyeye

Caluza

Bayeni

Mgcaweni

Gebashe

Mfeka

Mzimela

Donda

Maphanga

Mpangazitha

Phakathwayo

Nkundlande

Mzukase

Myeni

Qwabe

Msiza

Nozulu

Malandela

Khuzwayo

Khondlo

Mazalankosi!

Khambule

Mncube!

Mzilankatha!

Nina bakwaNkomo zilal’uwaca

Ezamadojeyana zilal’amankengana

Mlotshwa!

Malandel’ilanga

Mpangazitha!

Magosolo!

Nina basebuhlen’obungangcakazi

Abadl’umbilini wenkomo kungafanele

Kwakufanel’udliwe ngabalandakazi

Nina bakaDambuza Mthabathe

Nina basemaNcubeni

Enabalekel’uShaka

Naziphons’emfuleni

Kwakhuz’abantu banifihla

Naphenduk’abakwaKhambule

Nafik’eSwazini

Naphenduk’uNkambule

Nina baseSilutshana

Nin’enakhelana noMbunda

Nina bakaMaweni

Khumalo

Khumalo

Okhatshwe ngezind’izinyawo

Nangezimfushanyana;

UMkhatshwa wawoZimangele,

Mntungwa!

Mbulaz’omnyama

Abathi bedl’umuntu,

Bebe bemyenga ngendaba.

Abadl’izimf’ezimbili,

Ikhambi laphuma lilinye.

Lobengula kaMzilikazi,

UMzilikazi kaMashobana;

Shobana noGasa kaZikode,

Zikode kaMkhatshwa.

Mabaso owabas’entabeni,

Kwadliwa ilanga lishona

Bantungw’abancwaba!

Zindlovu ezibantu,

Zindlovu ezimacocombela.

Nina bakwaMawela,

Owawel’iZambezi ngezikhali.

Nina bakaNkomo zavul’inqaba

Zavul’inqaba ngezimpondo,

KwelaseNgome.

Nina enal’ukudl’umlenze

KwaBulawayo!

Mantungwa aluhlaza!

Mantungw’amahle!

Bantwana benkosi,

Nina bakwaNtokela!

Inkubele abayihlabe ngamanxeba,

Abamkhule ngezinyawo ezimfushanyana,

Nezimaqhukulwana.

Inyang’ abathe beth’ ifil’uZulu,

Kanti isiyetheswe,

Yetheswe ngoNyakana ka Mpeyana.

UBando abalubande balushiy’ uZulu.

UNyama yentini yawo Zimangele.

UNkomo zavul’inqaba ngezimpondo,

Ngoba zavul’iNgome zahamba.

UNtshwintshwintshwi kaNoyanda noNdaba;

UNkone evele ngobus’ emdibini,

Yal’ ukudl’umlenze kwaBulawayo.

Ndabezitha!

Maqhaw’amakhulu

Kubheka

Khathide,

Masobode

Wena, owasobodela indlubu nekhasi

Umgwaqo awedluli esibayeni,

ngoba kuvalwe ngamakhanda amadoda

Mbhende ebovu enjengetolwane

Isisgwece esasuka kuqala saphumelela

Esasuka muva bafika ngezagila basishaya

Uboya obuningi obungangenyathi

Isikhumba esahlula abeshuki

Basishuka sasesihlala amankankane

Amankankane asighudela sabanhlope bha!

Imbokodo ebomvu

Ebomvu kamagayiza esunduza abeSuthu

namaNdebele isicabha esihle esakhothwa

Yizinyoni zakaKhathide

Inkonjane endiza phezulu yawela umfula ugcwele

Sombheshane, Masobode, Makhunga

Wena owakhunga izimbila emgedeni

Zaphuma zingena zingena misila emgedeni

Nanamuhla azinawo umsila ngesinmanga sikaMaKhunga

Khathide, Ndolwane, NaMsibi sonke

Thina Ndolwane

Khathide,

Masobode

Sombheshane

Magonondo

Lamula

Lamula

Jiyane
Mpangazitha omhlophe
Slokazi livico kawugezanga wabuya nensila emfuleni wathi ugezile kanti unyambisile.
Bantwini
Mthonti
Thembu
Lutholoni
Mdlenevu!

Lushaba

Lushaba,

Mthuli,

Lushaba lwenkosi,

Ngwenya,

Mgwazi kaQhaqhela,

Mcwashi,

Sithole esaya kwaMpanza sabuya sesixhekethisile,

Bhebheza wena wasezilovini!

Mabasa

Hlanguza
Gqomokhulu ka Sonene
Sihlangw’ Esimhlophe Sika Ntuli
Beth’ uNtuli kazalanga
Wamzala wamunye wamthi qwa!
Wayesethi: Ngibambeni makhosikazi kubuhlungu isinene!
Ndawonde
Sonkabiyajoqo
Abath’ bedl’ umntu babemyenga ngendaba!
Hlokozane elizalel’ izinkonjane namajuba!

Mabhida

sgwaza!
Julaza,
choko,
mdlabela!
Mabhala ngozipho abanye bebhala ngepensela.
Mina ngoka mathenkomo ozala usikebhe mketule,
ozala ukhonabesho ingwenya ,
inkowane!

Makhathini

Makhathini

Xulu

Mnguni!

Gxabhashe!

Nonkosi!

Mazalankosi!

Ngokuzal’uNozulu.

Sidangu bungebuhlalu.

Maweza, ziwele zawela.

Impofana zawel’uThukela,

Wohlo! Mathambo agcwal’izintaba.

Donda!

Makhedama

Soyengwase!

Nina bakaShebhe kaMthendeka

Nina bakaSoqubele onjengegundane Nina baseSiweni

KwaMpuku yakwaMselemusi KwaNogwence webaya

Zingwazi zempi yakwaNdunu Njoman’ eyaduk’iminyakanyaka Yatholakal’onyakeni wesine

Yabuye yatholakala ngowesikhombisa Langeni

Owavel’ elangeni.

Malinga

Gumakhulu,

Mlotshwa,

Zindela,

Sigudo,

Mcokama,

Malinga owalinga ukuyihlomisa ebusuku,

Walinga ubukhosi bakwaMzizi balingeka babunika nina bakwaS’gudo

abaguda inkomo ingena nkoyane,

Mcokama onyawo zimhlophe

Mavundla

Mwelase,

Mbova,

Wena kaSnakanaka

kaNtendeni,

Owagedl’umhlanga wawushiyelela,

Nzima,

Mawela,

Nhlanganiso,

Mthimude,

Wena waka Geza mhlanga

Nina baka Nkomoningi

nina bakwa Jwana

Mwelase

Mazibuko

Nzima

Mwelase

Hlathikhulu

S`gawuli semithi emide nemifushane

Owangena nesikhuni emanzini waphuma naso sivutha

Wena ongaweli ngezibuko,owela ngezihlangu zamadoda

Wena wamazwe)

Phuthini

Khuhlase kaMgabhi

Mbatha

Mbatha,

Shandu ka Ndaba

Gumbi

Sontshikazi,

Mthiya

UShandu ubengengakanani,

ngoba entendeni yesandl uyenela

Nasothini lomkhonto uyahlala athi cababa,

Mazalankosi!

Mavungama!

Mathabathanyawo!

Makhabaluthuli!

Makhub’anothuli!

Nina benyathi emnyama kansele

Mbokazi

Mbokazi

Donda

Nxele

Sontuli

Hlamukazi

Ulwandle aluwelwa luwelwa zinkonjane zona ziphapha phezulu emafini

uPhangela kobhongo koqhoqhoqho

Umlamlankunzi ngabe uziyekile zabulalana

Hlamukazi kaMdaka

Umdaka usezintangeni

Wena owasephulamuthi uphekiwe endlini kaMantombase

Abakaphangela abaphangela izinkomo zamadoda lathi ilanga liphuma labe liphuma nezinkanzi zamadoda

Mbonambi

Mbonambi,

Mabhodla,

Mbuyazi,

Ngiba kaMananga,

Wena owaya ngaphesheya kwezilwandle wabona abantu abazindlebe zikhany’ilanga,

Mabuya nomuntu abuye nenkunzi,

Ndunakazi!

Mbonani

Mlotjwa

khulungwane lekhethu lekomeni

wena owalamul’ inkunzi ezimbili zisilwa ngabe azang’ wazilamul’
ngabe zabulalana

ngulube azembelan’ embel’ enye iyaquma

umakhonze agoduke abanye bakhonza bakhonzele futhi

Mbonani wakomhlokohla,
Mlotjwa wakodumako

Mdlalose

Nyanda wephandla

Khwenta, Madlula, Mgabashe

Bhudukuziwisa

Phangakufa, Dikane

Wena wephahla elinhloko-nhle

Sphungulo sayongoye

Magutshwa laph engefekhona

Wena kanhlangothi zibomvu amanxela

Wena webhaca elithanda impi ngoba ladla

uDayi kaSkhova

Mgojo

Mbongwa

kaKhoza

kaMbuyisa

kaSondisa

kaMvemnyama

Amangelengel’amade

kaNkob’aziphekwa livila ziphekwa ngukhuthala!

Mhlongo

Mhlongo

Makhedama!

Soyengwase!

Nina bakaBhebhe kaMthendeka

Nina bakaSoqubele onjengegundane

Nina baseSiweni

KwaMpuku yakwaMselemusi

KwaNogwence webaya

Zingwazi zempi yakwaNdunu

Njoman’eyaduk’iminyakanyaka

Yatholakal’onyakeni wesine

Yabuye yatholakala ngowesikhombisa

Langeni

Owavel’elangeni

Mkhize

Gcwabe
Khabazela kaMavovo kaZihlandla
Gubhela
Mumbo omnhlophe
Wena waseMbo
Wena okhanya emasisiwini
Singela
Nhlama eyaphelela etsheni ngokubadaphunela
Ngunezi
Mumbo ombulazi
Nina enadla umuntu nimyenga ngendaba
Sibiside esimajembelezana
Sibiside esimaphandla esaphandl’abeNguni bavungama
Nina bengwazi emabhudle
Ethi isabhudla yabuye yaphinda yabhudla
Malala amahle
Nina enalala nomunwe Navuka nakhwifa ilanga
Nzalo kaSambela
Nina bakaSidaphudaphu ngokubadaphunela
Nzalo kaLuzalo

Mnomiya

Dlaba,

Shukulas’, Shezi,

Dludle,

Dludl’owadl’imihlambi yamadoda,

Wadl’izinkomo zamaNdebele,

Oyodl’ezikaDlaba uyoceba,

Dlab’ akadleli phansi,

Udle’ edlodlweni,

Abanye bedlela phansi,

Mavulane owavul’ iNkandl’ivaliwe,

Mchube, Mlotshwa,

Wena kaLumbazo, kaZokufa,

Sigananda phum’eNkandla

Mntambo

Nhlangothi,

Mlondo,

Vezi,

Nyong’eluhlaza enjengeyenyamazane,

Masilela,

Jiyane,

Kweyama!

Mntungwa

Okhatshwe ngezind’izinyawo

Nangezimfushanyana;

UMkhatshwa wawoZimangele,

Mntungwa!

Mbulaz’omnyama

Abathi bedl’umuntu,

Bebe bemyenga ngendaba.

Abadl’izimf’ezimbili,

Ikhambi laphuma lilinye.

Lobengula kaMzilikazi,

UMzilikazi kaMashobana;

Shobana noGasa kaZikode,

Zikode kaMkhatshwa.

Mabaso owabas’entabeni,

Kwadliwa ilanga lishona

Bantungw’abancwaba!

Zindlovu ezibantu,

Zindlovu ezimacocombela.

Nina bakwaMawela,

Owawel’iZambezi ngezikhali.

Nina bakaNkomo zavul’inqaba

Zavul’inqaba ngezimpondo,

KwelaseNgome.

Nina enal’ukudl’umlenze

KwaBulawayo!

Mantungwa aluhlaza!

Mantungw’amahle!

Bantwana benkosi,

Nina bakwaNtokela!

Inkubele abayihlabe ngamanxeba,

Abamkhule ngezinyawo ezimfushanyana,

Nezimaqhukulwana.

Inyang’ abathe beth’ ifil’uZulu,

Kanti isiyetheswe,

Yetheswe ngoNyakana ka Mpeyana.

UBando abalubande balushiy’ uZulu.

UNyama yentini yawo Zimangele.

UNkomo zavul’inqaba ngezimpondo,

Ngoba zavul’iNgome zahamba.

UNtshwintshwintshwi kaNoyanda noNdaba;

UNkone evele ngobus’ emdibini,

Yal’ ukudl’umlenze kwaBulawayo.

Ndabezitha!

Mpanza

Thabekhulu,

Sandanezwe, Nongalo,

Mavundla,

Siwele,

Dubandlela,

Soyikazi,

Mzingane,

Donda!

Mqadi

Mbuyisa,

Hlobose,

Nobekela,

Sosingath’owasingath’ingwe nengonyama,

Nina enasuk’enhla nawela imfolozi emnyama nebomvu nithwel’imbewu ngophondo,

Jakaja!

Msani

Mtimamnde,

Kunene,
Majoka,

Nxaba kaMbhekane owabhekana nokuhlupheka,

Madl’uvalo lwengonyama abanye bedl’olwenkomo,

Mthantathwa,

Mnguni wasOndini,

Wena kaNonqewu,

Wena kaMgobhozi,

Ntetha, Vangisa,

Mageza ngobisi abanye begeza ngamanzi,

Mseleku

Duma,

Lwandle, Ntenga,

Mthombeni!

Msibi

Ndlondlo,

Mabuya,

Guliwe

Ndlondl’eyadl’ubulongwe yalibala,

Siwela,

Gasa

Msimango

Thabizolo,

Nonkosi,

Mlotshwa

Wena kaSengama umuntu ngejozi,

Wena owehla ngesilulu abafokazane behla ngezinyawo,

Pembe kaLokothwayo,

Ngelengele!

Mthombeni

Ntenga,

Duma, Magagula,

Lwandle kaluwelwa luwelwa zinkonjane kuphela zona ezindiza phezulu,

Ngongolozi owaphekwa netshe,

Kwavuthwa lona kuqala,

Thabisa,

Mvenya

Mtshali

Hlabangane

Magalela gase njengengonyama

Mantshinga.

Santshinga sheleni bacoswa ngabafokazana

Mvelase

Mvelase

Mthembu

Nin’enavel’eNyandeni

Ngomthwalo wakwaMabaso

Nina bakwaGogolazitha

Nina bakwaNobasali

Nina bakwaVezi uNonyanda

Nina bakaNgoz’akakhokhobi

Ngoba wakhokhobel’izinkomo zamadoda

Nina bakaVezi kaMandulo

Nina bakaNotsele kaNodada

Nina bakaSibhuzikazi simayikayika

Nina bakaPhumuz’abant’amaphiko

BaThemb’abaseng’inkom’izele

Nina bakaGude

Nonjolo!

Madl’amathiban’indlal’iwile

Nina bakoNonyezi

Amahwanq’amakhulu

Nina baseQhudeni

Ngokudl’iqhude lifile

Khathide

Maphanga

Zakwe

Kunene

Jubane

Sobuyase

Mwelase

Nzima

Mona

abangaweli ngamazibuko

Abawela ngezihlenga zemifula

Mqabula nkunzi kuvele ilanga

Ngoba angaphansi nangaphezulu kwalingani

Wena wakwaluza lunye

Uma umbili olunye lweza nonyoko

uMwelase ongaweli ngezibuko

Owawela ngezinkwazi zomfula

Phuthini,Khuhlase kaMgabhi

Mzileni

Mzileni

mzileni
nyawose gama elikhulu,
mbizana
wena owawela umfula ongawelwa,
owelwa zinkonjane eziphapha phezulu!

Ncobela

Shawuza,

uShawuz’oshisayo,

Oshis’emuva nangaphambili,

Uqobodwana,

Usomdibela,

Umuth’ongothiwa;

uSikhunyana indodana kaShaka,

Umnguni,

Ndaba

Ndaba kaMageba,

Benkashana umenzi ephuz’ umlazana kameva,

abakaqobo uvula ngedolo zake zehlela i’nkomo ziqonde kwaSoshangane,

bakwaZulu omyama othand’ uk’gwaza inkomo zamadoda,

uZulu omyama ondlela zimhlophe!

uNdaba ohlasela ngothando elokwandis’ abakwaMthaniya

uthand’ uhlasela ngothand’ abakwaNgwane,

zasho zanqundeka i’khali zaseNgwavuma,

nonyaka-nonyaka uhlasela ngothando phesheya koMzimkhulu!

umgag’ wezul’ eliphezulu, mpondo zamila eJema!

Zamila enkomen’ abayikhungela amgudu okubhemel’.

uDlothovu akabhekek’ uyesabeka ufan’ nemsebe yelanga.

Dlothovu dlala abantu bakho bakulingene!

uDlothovu njengebhubesi

umgwadlazikazi ziyethuk’ ushona kwelaseNkonjane

ophumuz’ abant’ amaphiko! isihlahla somuthi!

ubhensa behlab’ ngemva nangaphambili!

Ndlangamandla

Mtungwa!

Mawandla kaNdlela

Nina baseMandlovini

Mlotshwa!

Siwela

Mphazima kaLanga

Nina bakwaLanga libomvu

Elashis’amabel’ezikhuthali

Mabuya sezembethe’ugogwane

Mlotshwa akangakanani

Ngoba nasentendeni yesandl’uyahlala

Owaphath’induku’emnyama

Washay’amanzi kwavel’udaka

Nkonjane yenkosi

Mpangazitha!

Ndlazi

Lokothwayo
Swebelele
Somlibo
umarhog’uyababa unje ngatshongwe lomlambo,
yincem’ende eyongamel’ iziziba abathi bayayibamba ayadontseka bayishiya ivele phakati kwesiziba.
Somlimokazi wena Gawuka kaMgegedla omathanga amakhulu adabula utshani bendlela.

wena owahlindza inkomo wede wathuth’umswane wabashiya bedla.
Ngababamba umsingizane badontsisane ngawo besithi yincema.
Iindlaz’anyoni edla emigxobhozweni,
inyon’ emaphiko made,
endiza ezingweni zoThukela.

Oondlubu zamil’ ebubini bamadoda ngokuswel’ indawo,
omafuz’afulele okwelifu lemvula,
abashwabadel’ iinkomo.
Nina bakwamfaz’ obele lide omuncis’ umntwana engaphesheya koThukela.
Sihlabathi soNdi noThukela ndifike besihlenga besiphalaza,
nam ndasihlenga ndade ndaguzubala

Ndlela

Ndlela,

Godide,

Mphemba,

Ndlela kaSompisi

Sothole,

Gudukazi uyiNcwayo.

Khuboni,

Sompisi owaphemba ngamakhand’ amadoda,

Abanye bephemba ngomlilo.

Nina base Lenge,

Enabonakala ngefu lezintuli.

Kwabe kunguSompisi kaGuqa, kaMasalela.

Mazimuzimu enidla’ abantu.

Mgwabini wemikhonto,

Umahlatshwa ebuhleni njengethole.

Umagaju njengengwe.

Inhlangu eyeqa iphindaphinda.

Umanxeba angamanxuluma

Kwasa bemhlaba uGwabini, waphika.

Mphemba!

Lang’ elaphum’ endlebeni yendlovu, nyaka wumbe

Lophum’ endlebeni yengwenya.

Unonjiyelwa,

Kulala uhlangothi lubomvu.

Ugodo olumuka namankayiya.

Mgwabini wemikhonto,

Langa, Sompisi

Ngwanya

Siyendana

Gid’gogweni oval’umnyango ngamakhand’amadoda

Cebisa kaMabhengeda,

Mhayise wakoLanga,

kaHlatshwayo wena lowacebise makhosi

Mgogodlana

Nin’enaqo’ibibutho lakwaGob’izembe

Ngele.

Ninela

Ninela

msawoni,

ganwa

magadlela!

mdlolo onhlokonde,

owafica ingoma ihlokoma

nhokozimphatha

gcogcololo

Nkosi!

Ludonga lukaMavuso,

Abay’eMbo babuyelela.

Abasidwaba weza nonina.

Abengomane yaseMavaneni,

Abaqed’uBombo ngokuhlehlezela,

AbakwaSibhahuza

SikaMabhanda eMpondweni.

Inkonekaz’evele ngobusw’emgedeni.

USamkethe, esinembay’emaLangeni,

UMswazi kaSobhuza.

Mlangeni!

Nina bakwaKusa nelanga

Nina bakwaWawawa.

Lokothwayo!

Sibalukhulu!

Nina beNgwane,

Nina besicoco sangenhlana.

Kunene!

Ntuli

Wena kaSompisi

Sothole, Gudukazi uyiNcwayo.

Khuboni,

Sompisi owaphemba ngamakhand’ amadoda,

Abanye bephemba ngomlilo.

Nina base Lenge,

Enabonakala ngefu lezintuli.

Kwabe kunguSompisi kaGuqa, kaMasalela.

Mazimuzimu enidla’ abantu.

Mgwabini wemikhonto,

Umahlatshwa ebuhleni njengethole.

Umagaju njengengwe.

Inhlangu eyeqa iphindaphinda.

Umanxeba angamanxuluma

Kwasa bemhlaba uGwabini, waphika.

Mphemba!

Lang’ elaphum’ endlebeni yendlovu,

Nyaka wumbe

Lophum’ endlebeni yengwenya.

Unonjiyelwa,

Kulala uhlangothi lubomvu.

Ugodo olumuka namankayiya.

Mgwabini wemikhonto,

Langa, Sompisi.

Nyoni

phoswa gengeshe,

gemase

chwensi

hlakahlela,

sgidi,

siba,

gwalagwala,

sophila,

giyoni,

wenungahlonywa bafokatane uhlonywa ngemakhosi;

wena mtiya mbili ingabamtsatfu iyadzabuka!

Qwabe

Qwabe!

Gumede!

Phakathwayo!

Mnguni!

Malandela!

Ntabani leyayaya kuNgoye Gumede!

Dluya Nguni kubeyethwe!

Shabane

Shabane,

Dwala,

Dwala ka Mbatshazwa,

Sembathwa, wena owabona itshe lembethe ingubo.

Phingoshe,

Sozwakade,

Gcagcabane,

Sochaya,

Lindabutho,

uNceshe olinde impi ngesinqindi somkhonto osebeni lomfula

Jongisa,

Mqhakama,

Ndlondlo eme ngomsila kwelaMpondo, eyawela umfula ngezembe

Bhovula,

Mabhala ngozipho abanye bebhalangamapensela. Majiya ojiya njengotshani

Zembelibomvu lokuhlahlela izinkomo.

Nina enabona isihlakothi sehla ngomfula nathi nansi inyama.

Nina bothala livuzinyama ngoba behlala bedla. Hleza goduka hleza kaMboli

Mdlovu omnyama.

Hleti elibomvu elimmbila mhlophe, wamuhlumuntu

Nina enigezela emadwaleni abanye begeza emaxhaphozini

Nina enaqeda uBombo ngokuhletetela

Nina baseSwatini,

Mhlambanyathi

Manyela indlela eyakulonina abuye ngenye. Nhlungu zahlula insunguzi

Ncincimane

Sithuba

Shazi

zindela,
bhayeka,
bombo,
sbhagubhagu,
mkhoto owaduma ekseni,
mguphane owashiswa ilanga wozela,
ncabakhulu,
malinga,
nonjonjo,
mkhosana,
mbabathwa,

Sibiya

Ndaba,

Gumede

Sibiya ngenkomo,

Abafokazana bebiya ngamahlahla!

Nina bakwankom’ isengelwa emaweni,

Ingasengelw’ esibayeni akuyon’ eyakhona.

Gumede kaNdaba

Mkhananda owafinyelela kubalondolozi,

Wemuka noGodokazi way’ eMfolozi.

UHhiya kwabanani,

Okwaphwekwa esendlini

Kwaze kwephulwa esendlini

Engazange afe kufudumala

Mgxebe!

Khathi!

Nina bakaSotobe kaMpangalala

Sikhosana

Sikhosana!

uMusi kaMhlanga

Novaphi

Nolinda, ulinda mkhotho njengeNsele

Mphandaphanda

Magwace!

Gwayiba

Hlahl’Ulundi lungenandlela lwaba nezindlelandlela

Zitsha ezinhle njengezokubolekwa

Mtungwa!

Gxamugxamu sikhumba seMpisi asibethelwa ekhaya ngoba izinkomo zizobovuka

Sokhulu

Zondo,

Mthiyane, Nqoboka,

Mnguni kaManekwane,

Skhangane esakhanga amadoda

Luvuno, Sokotshane

Ximba

Ximba,

Mlaba

Mabhoyi

Nodlela

Mbewumbili abanye bamhlophe abanye babomvana

nina enacaba isicaba ngokucazelana

Msuthu

Dumakude

Sambane phuma ehlathini kwenile kulele izingwe nezingonyama

Mthandi wabantu bengamthandi bethi bayamthanda kanti bayamkhohlisa

Njono wena wase Mdlangweni

Luvuno wena owavuna abaliwayo!

Zulu

Zulu,
Ndabezitha,
Mntwana,
Zulu kaMalandela ngokulandela izinkomo zamadoda,
Zulu omnyama ondlela zimhlophe,

Wena kaPhunga noMageba,

Wena kaMjokwane kaNdaba,
Wena wenkayishana kaMenzi eyaphuza umlaza ngameva,
S’thuli sikaNdaba,
S’thuli sikaNkombane,
Wena kasihhawuhhawu siyinkondlo bayikhuzile ngoba ikhuzwe abaphansi nabaphezulu,
Wena kanogwaja omuhle ngomlenze,
Wena kaMbambelashoba,
Ndabezitha!