Bhengu
Ngcolosi!
Wena wakwaDlabazane,
KaNgwane, kaNephu kaLamula,
Nyawo zigezwa ngamazolo.
Nina enivuka nixubhe ngelala,
Shongololo!
Wathi uyalithinta lahwaqabala
Ngabe siyakudla sesab’imilenzelenze,
Nyawo zeshongololo kaziphumuli.
Sigampu
Ngwane, ingwani ngwadi.
Abayibone ngesond’ukuthi iwelile.
Jali!
Nina enilala nomunwe,
Nivuke nikhwif’ilanga.
Mmemezi kaHlangabeza!
Ngcolosi!
Cele
Ndosi!
Khumbuza,
Nkomo kayivuswa,
Nkomo isengw’ilele,
Ngob’ingenakuvuswa muntu!
Kwasiqunga esihle,
Esizalel’amazinye namasakabuli!
Dibandlela!
Magaye!
Vico akagezanga,
Obuye nensil’emfuleni,
Ngob’ethembe ukugeza ngobisi!
Ndlovu
Gatsheni!
Boya benyathi!
Buyasongwa buyasombuluka.
Mpongo kaZingelwayo!
Nina bakwaNdlovu zidl’ ekhaya,
Ngokweswel’ abelusi.
Nina bakwaKhumbula amagwala.
Nina bakwaDemazane ntombazane
Nina bakwaSihlangu sihle.
Mthiyane!
Ngokuthiy’amadod’emazibukweni.
Nina bakwaMdubusi!
Gumede
Gumede
Yeyeye
Caluza
Bayeni
Mgcaweni
Gebashe
Mfeka
Mzimela
Donda
Maphanga
Mpangazitha
Phakathwayo
Nkundlande
Mzukase
Myeni
Qwabe
Msiza
Nozulu
Malandela
Khuzwayo
Khondlo
Mazalankosi!
Khambule
Mncube!
Mzilankatha!
Nina bakwaNkomo zilal’uwaca
Ezamadojeyana zilal’amankengana
Mlotshwa!
Malandel’ilanga
Mpangazitha!
Magosolo!
Nina basebuhlen’obungangcakazi
Abadl’umbilini wenkomo kungafanele
Kwakufanel’udliwe ngabalandakazi
Nina bakaDambuza Mthabathe
Nina basemaNcubeni
Enabalekel’uShaka
Naziphons’emfuleni
Kwakhuz’abantu banifihla
Naphenduk’abakwaKhambule
Nafik’eSwazini
Naphenduk’uNkambule
Nina baseSilutshana
Nin’enakhelana noMbunda
Nina bakaMaweni
Khumalo
Khumalo
Okhatshwe ngezind’izinyawo
Nangezimfushanyana;
UMkhatshwa wawoZimangele,
Mntungwa!
Mbulaz’omnyama
Abathi bedl’umuntu,
Bebe bemyenga ngendaba.
Abadl’izimf’ezimbili,
Ikhambi laphuma lilinye.
Lobengula kaMzilikazi,
UMzilikazi kaMashobana;
Shobana noGasa kaZikode,
Zikode kaMkhatshwa.
Mabaso owabas’entabeni,
Kwadliwa ilanga lishona
Bantungw’abancwaba!
Zindlovu ezibantu,
Zindlovu ezimacocombela.
Nina bakwaMawela,
Owawel’iZambezi ngezikhali.
Nina bakaNkomo zavul’inqaba
Zavul’inqaba ngezimpondo,
KwelaseNgome.
Nina enal’ukudl’umlenze
KwaBulawayo!
Mantungwa aluhlaza!
Mantungw’amahle!
Bantwana benkosi,
Nina bakwaNtokela!
Inkubele abayihlabe ngamanxeba,
Abamkhule ngezinyawo ezimfushanyana,
Nezimaqhukulwana.
Inyang’ abathe beth’ ifil’uZulu,
Kanti isiyetheswe,
Yetheswe ngoNyakana ka Mpeyana.
UBando abalubande balushiy’ uZulu.
UNyama yentini yawo Zimangele.
UNkomo zavul’inqaba ngezimpondo,
Ngoba zavul’iNgome zahamba.
UNtshwintshwintshwi kaNoyanda noNdaba;
UNkone evele ngobus’ emdibini,
Yal’ ukudl’umlenze kwaBulawayo.
Ndabezitha!
Maqhaw’amakhulu
Kubheka
Khathide,
Masobode
Wena, owasobodela indlubu nekhasi
Umgwaqo awedluli esibayeni,
ngoba kuvalwe ngamakhanda amadoda
Mbhende ebovu enjengetolwane
Isisgwece esasuka kuqala saphumelela
Esasuka muva bafika ngezagila basishaya
Uboya obuningi obungangenyathi
Isikhumba esahlula abeshuki
Basishuka sasesihlala amankankane
Amankankane asighudela sabanhlope bha!
Imbokodo ebomvu
Ebomvu kamagayiza esunduza abeSuthu
namaNdebele isicabha esihle esakhothwa
Yizinyoni zakaKhathide
Inkonjane endiza phezulu yawela umfula ugcwele
Sombheshane, Masobode, Makhunga
Wena owakhunga izimbila emgedeni
Zaphuma zingena zingena misila emgedeni
Nanamuhla azinawo umsila ngesinmanga sikaMaKhunga
Khathide, Ndolwane, NaMsibi sonke
Thina Ndolwane
Khathide,
Masobode
Sombheshane
Magonondo
Lamula
Lamula
Jiyane
Mpangazitha omhlophe
Slokazi livico kawugezanga wabuya nensila emfuleni wathi ugezile kanti unyambisile.
Bantwini
Mthonti
Thembu
Lutholoni
Mdlenevu!
Lushaba
Lushaba,
Mthuli,
Lushaba lwenkosi,
Ngwenya,
Mgwazi kaQhaqhela,
Mcwashi,
Sithole esaya kwaMpanza sabuya sesixhekethisile,
Bhebheza wena wasezilovini!
Mabasa
Hlanguza
Gqomokhulu ka Sonene
Sihlangw’ Esimhlophe Sika Ntuli
Beth’ uNtuli kazalanga
Wamzala wamunye wamthi qwa!
Wayesethi: Ngibambeni makhosikazi kubuhlungu isinene!
Ndawonde
Sonkabiyajoqo
Abath’ bedl’ umntu babemyenga ngendaba!
Hlokozane elizalel’ izinkonjane namajuba!
Mabhida
sgwaza!
Julaza,
choko,
mdlabela!
Mabhala ngozipho abanye bebhala ngepensela.
Mina ngoka mathenkomo ozala usikebhe mketule,
ozala ukhonabesho ingwenya ,
inkowane!
Makhathini
Makhathini
Xulu
Mnguni!
Gxabhashe!
Nonkosi!
Mazalankosi!
Ngokuzal’uNozulu.
Sidangu bungebuhlalu.
Maweza, ziwele zawela.
Impofana zawel’uThukela,
Wohlo! Mathambo agcwal’izintaba.
Donda!
Makhedama
Soyengwase!
Nina bakaShebhe kaMthendeka
Nina bakaSoqubele onjengegundane Nina baseSiweni
KwaMpuku yakwaMselemusi KwaNogwence webaya
Zingwazi zempi yakwaNdunu Njoman’ eyaduk’iminyakanyaka Yatholakal’onyakeni wesine
Yabuye yatholakala ngowesikhombisa Langeni
Owavel’ elangeni.
Malinga
Gumakhulu,
Mlotshwa,
Zindela,
Sigudo,
Mcokama,
Malinga owalinga ukuyihlomisa ebusuku,
Walinga ubukhosi bakwaMzizi balingeka babunika nina bakwaS’gudo
abaguda inkomo ingena nkoyane,
Mcokama onyawo zimhlophe
Mavundla
Mwelase,
Mbova,
Wena kaSnakanaka
kaNtendeni,
Owagedl’umhlanga wawushiyelela,
Nzima,
Mawela,
Nhlanganiso,
Mthimude,
Wena waka Geza mhlanga
Nina baka Nkomoningi
nina bakwa Jwana
Mwelase
Mazibuko
Nzima
Mwelase
Hlathikhulu
S`gawuli semithi emide nemifushane
Owangena nesikhuni emanzini waphuma naso sivutha
Wena ongaweli ngezibuko,owela ngezihlangu zamadoda
Wena wamazwe)
Phuthini
Khuhlase kaMgabhi
Mbatha
Mbatha,
Shandu ka Ndaba
Gumbi
Sontshikazi,
Mthiya
UShandu ubengengakanani,
ngoba entendeni yesandl uyenela
Nasothini lomkhonto uyahlala athi cababa,
Mazalankosi!
Mavungama!
Mathabathanyawo!
Makhabaluthuli!
Makhub’anothuli!
Nina benyathi emnyama kansele
Mbokazi
Mbokazi
Donda
Nxele
Sontuli
Hlamukazi
Ulwandle aluwelwa luwelwa zinkonjane zona ziphapha phezulu emafini
uPhangela kobhongo koqhoqhoqho
Umlamlankunzi ngabe uziyekile zabulalana
Hlamukazi kaMdaka
Umdaka usezintangeni
Wena owasephulamuthi uphekiwe endlini kaMantombase
Abakaphangela abaphangela izinkomo zamadoda lathi ilanga liphuma labe liphuma nezinkanzi zamadoda
Mbonambi
Mbonambi,
Mabhodla,
Mbuyazi,
Ngiba kaMananga,
Wena owaya ngaphesheya kwezilwandle wabona abantu abazindlebe zikhany’ilanga,
Mabuya nomuntu abuye nenkunzi,
Ndunakazi!
Mbonani
Mlotjwa
khulungwane lekhethu lekomeni
wena owalamul’ inkunzi ezimbili zisilwa ngabe azang’ wazilamul’
ngabe zabulalana
ngulube azembelan’ embel’ enye iyaquma
umakhonze agoduke abanye bakhonza bakhonzele futhi
Mbonani wakomhlokohla,
Mlotjwa wakodumako
Mdlalose
Nyanda wephandla
Khwenta, Madlula, Mgabashe
Bhudukuziwisa
Phangakufa, Dikane
Wena wephahla elinhloko-nhle
Sphungulo sayongoye
Magutshwa laph engefekhona
Wena kanhlangothi zibomvu amanxela
Wena webhaca elithanda impi ngoba ladla
uDayi kaSkhova
Mgojo
Mbongwa
kaKhoza
kaMbuyisa
kaSondisa
kaMvemnyama
Amangelengel’amade
kaNkob’aziphekwa livila ziphekwa ngukhuthala!
Mhlongo
Mhlongo
Makhedama!
Soyengwase!
Nina bakaBhebhe kaMthendeka
Nina bakaSoqubele onjengegundane
Nina baseSiweni
KwaMpuku yakwaMselemusi
KwaNogwence webaya
Zingwazi zempi yakwaNdunu
Njoman’eyaduk’iminyakanyaka
Yatholakal’onyakeni wesine
Yabuye yatholakala ngowesikhombisa
Langeni
Owavel’elangeni
Mkhize
Gcwabe
Khabazela kaMavovo kaZihlandla
Gubhela
Mumbo omnhlophe
Wena waseMbo
Wena okhanya emasisiwini
Singela
Nhlama eyaphelela etsheni ngokubadaphunela
Ngunezi
Mumbo ombulazi
Nina enadla umuntu nimyenga ngendaba
Sibiside esimajembelezana
Sibiside esimaphandla esaphandl’abeNguni bavungama
Nina bengwazi emabhudle
Ethi isabhudla yabuye yaphinda yabhudla
Malala amahle
Nina enalala nomunwe Navuka nakhwifa ilanga
Nzalo kaSambela
Nina bakaSidaphudaphu ngokubadaphunela
Nzalo kaLuzalo
Mnomiya
Dlaba,
Shukulas’, Shezi,
Dludle,
Dludl’owadl’imihlambi yamadoda,
Wadl’izinkomo zamaNdebele,
Oyodl’ezikaDlaba uyoceba,
Dlab’ akadleli phansi,
Udle’ edlodlweni,
Abanye bedlela phansi,
Mavulane owavul’ iNkandl’ivaliwe,
Mchube, Mlotshwa,
Wena kaLumbazo, kaZokufa,
Sigananda phum’eNkandla
Mntambo
Nhlangothi,
Mlondo,
Vezi,
Nyong’eluhlaza enjengeyenyamazane,
Masilela,
Jiyane,
Kweyama!
Mntungwa
Okhatshwe ngezind’izinyawo
Nangezimfushanyana;
UMkhatshwa wawoZimangele,
Mntungwa!
Mbulaz’omnyama
Abathi bedl’umuntu,
Bebe bemyenga ngendaba.
Abadl’izimf’ezimbili,
Ikhambi laphuma lilinye.
Lobengula kaMzilikazi,
UMzilikazi kaMashobana;
Shobana noGasa kaZikode,
Zikode kaMkhatshwa.
Mabaso owabas’entabeni,
Kwadliwa ilanga lishona
Bantungw’abancwaba!
Zindlovu ezibantu,
Zindlovu ezimacocombela.
Nina bakwaMawela,
Owawel’iZambezi ngezikhali.
Nina bakaNkomo zavul’inqaba
Zavul’inqaba ngezimpondo,
KwelaseNgome.
Nina enal’ukudl’umlenze
KwaBulawayo!
Mantungwa aluhlaza!
Mantungw’amahle!
Bantwana benkosi,
Nina bakwaNtokela!
Inkubele abayihlabe ngamanxeba,
Abamkhule ngezinyawo ezimfushanyana,
Nezimaqhukulwana.
Inyang’ abathe beth’ ifil’uZulu,
Kanti isiyetheswe,
Yetheswe ngoNyakana ka Mpeyana.
UBando abalubande balushiy’ uZulu.
UNyama yentini yawo Zimangele.
UNkomo zavul’inqaba ngezimpondo,
Ngoba zavul’iNgome zahamba.
UNtshwintshwintshwi kaNoyanda noNdaba;
UNkone evele ngobus’ emdibini,
Yal’ ukudl’umlenze kwaBulawayo.
Ndabezitha!
Mpanza
Thabekhulu,
Sandanezwe, Nongalo,
Mavundla,
Siwele,
Dubandlela,
Soyikazi,
Mzingane,
Donda!
Mqadi
Mbuyisa,
Hlobose,
Nobekela,
Sosingath’owasingath’ingwe nengonyama,
Nina enasuk’enhla nawela imfolozi emnyama nebomvu nithwel’imbewu ngophondo,
Jakaja!
Msani
Mtimamnde,
Kunene,
Majoka,
Nxaba kaMbhekane owabhekana nokuhlupheka,
Madl’uvalo lwengonyama abanye bedl’olwenkomo,
Mthantathwa,
Mnguni wasOndini,
Wena kaNonqewu,
Wena kaMgobhozi,
Ntetha, Vangisa,
Mageza ngobisi abanye begeza ngamanzi,
Mseleku
Duma,
Lwandle, Ntenga,
Mthombeni!
Msibi
Ndlondlo,
Mabuya,
Guliwe
Ndlondl’eyadl’ubulongwe yalibala,
Siwela,
Gasa
Msimango
Thabizolo,
Nonkosi,
Mlotshwa
Wena kaSengama umuntu ngejozi,
Wena owehla ngesilulu abafokazane behla ngezinyawo,
Pembe kaLokothwayo,
Ngelengele!
Mthombeni
Ntenga,
Duma, Magagula,
Lwandle kaluwelwa luwelwa zinkonjane kuphela zona ezindiza phezulu,
Ngongolozi owaphekwa netshe,
Kwavuthwa lona kuqala,
Thabisa,
Mvenya
Mtshali
Hlabangane
Magalela gase njengengonyama
Mantshinga.
Santshinga sheleni bacoswa ngabafokazana
Mvelase
Mvelase
Mthembu
Nin’enavel’eNyandeni
Ngomthwalo wakwaMabaso
Nina bakwaGogolazitha
Nina bakwaNobasali
Nina bakwaVezi uNonyanda
Nina bakaNgoz’akakhokhobi
Ngoba wakhokhobel’izinkomo zamadoda
Nina bakaVezi kaMandulo
Nina bakaNotsele kaNodada
Nina bakaSibhuzikazi simayikayika
Nina bakaPhumuz’abant’amaphiko
BaThemb’abaseng’inkom’izele
Nina bakaGude
Nonjolo!
Madl’amathiban’indlal’iwile
Nina bakoNonyezi
Amahwanq’amakhulu
Nina baseQhudeni
Ngokudl’iqhude lifile
Khathide
Maphanga
Zakwe
Kunene
Jubane
Sobuyase
Mwelase
Nzima
Mona
abangaweli ngamazibuko
Abawela ngezihlenga zemifula
Mqabula nkunzi kuvele ilanga
Ngoba angaphansi nangaphezulu kwalingani
Wena wakwaluza lunye
Uma umbili olunye lweza nonyoko
uMwelase ongaweli ngezibuko
Owawela ngezinkwazi zomfula
Phuthini,Khuhlase kaMgabhi
Mzileni
Mzileni
mzileni
nyawose gama elikhulu,
mbizana
wena owawela umfula ongawelwa,
owelwa zinkonjane eziphapha phezulu!
Ncobela
Shawuza,
uShawuz’oshisayo,
Oshis’emuva nangaphambili,
Uqobodwana,
Usomdibela,
Umuth’ongothiwa;
uSikhunyana indodana kaShaka,
Umnguni,
Ndaba
Ndaba kaMageba,
Benkashana umenzi ephuz’ umlazana kameva,
abakaqobo uvula ngedolo zake zehlela i’nkomo ziqonde kwaSoshangane,
bakwaZulu omyama othand’ uk’gwaza inkomo zamadoda,
uZulu omyama ondlela zimhlophe!
uNdaba ohlasela ngothando elokwandis’ abakwaMthaniya
uthand’ uhlasela ngothand’ abakwaNgwane,
zasho zanqundeka i’khali zaseNgwavuma,
nonyaka-nonyaka uhlasela ngothando phesheya koMzimkhulu!
umgag’ wezul’ eliphezulu, mpondo zamila eJema!
Zamila enkomen’ abayikhungela amgudu okubhemel’.
uDlothovu akabhekek’ uyesabeka ufan’ nemsebe yelanga.
Dlothovu dlala abantu bakho bakulingene!
uDlothovu njengebhubesi
umgwadlazikazi ziyethuk’ ushona kwelaseNkonjane
ophumuz’ abant’ amaphiko! isihlahla somuthi!
ubhensa behlab’ ngemva nangaphambili!
Ndlangamandla
Mtungwa!
Mawandla kaNdlela
Nina baseMandlovini
Mlotshwa!
Siwela
Mphazima kaLanga
Nina bakwaLanga libomvu
Elashis’amabel’ezikhuthali
Mabuya sezembethe’ugogwane
Mlotshwa akangakanani
Ngoba nasentendeni yesandl’uyahlala
Owaphath’induku’emnyama
Washay’amanzi kwavel’udaka
Nkonjane yenkosi
Mpangazitha!
Ndlazi
Lokothwayo
Swebelele
Somlibo
umarhog’uyababa unje ngatshongwe lomlambo,
yincem’ende eyongamel’ iziziba abathi bayayibamba ayadontseka bayishiya ivele phakati kwesiziba.
Somlimokazi wena Gawuka kaMgegedla omathanga amakhulu adabula utshani bendlela.
wena owahlindza inkomo wede wathuth’umswane wabashiya bedla.
Ngababamba umsingizane badontsisane ngawo besithi yincema.
Iindlaz’anyoni edla emigxobhozweni,
inyon’ emaphiko made,
endiza ezingweni zoThukela.
Oondlubu zamil’ ebubini bamadoda ngokuswel’ indawo,
omafuz’afulele okwelifu lemvula,
abashwabadel’ iinkomo.
Nina bakwamfaz’ obele lide omuncis’ umntwana engaphesheya koThukela.
Sihlabathi soNdi noThukela ndifike besihlenga besiphalaza,
nam ndasihlenga ndade ndaguzubala
Ndlela
Ndlela,
Godide,
Mphemba,
Ndlela kaSompisi
Sothole,
Gudukazi uyiNcwayo.
Khuboni,
Sompisi owaphemba ngamakhand’ amadoda,
Abanye bephemba ngomlilo.
Nina base Lenge,
Enabonakala ngefu lezintuli.
Kwabe kunguSompisi kaGuqa, kaMasalela.
Mazimuzimu enidla’ abantu.
Mgwabini wemikhonto,
Umahlatshwa ebuhleni njengethole.
Umagaju njengengwe.
Inhlangu eyeqa iphindaphinda.
Umanxeba angamanxuluma
Kwasa bemhlaba uGwabini, waphika.
Mphemba!
Lang’ elaphum’ endlebeni yendlovu, nyaka wumbe
Lophum’ endlebeni yengwenya.
Unonjiyelwa,
Kulala uhlangothi lubomvu.
Ugodo olumuka namankayiya.
Mgwabini wemikhonto,
Langa, Sompisi
Ngwanya
Siyendana
Gid’gogweni oval’umnyango ngamakhand’amadoda
Cebisa kaMabhengeda,
Mhayise wakoLanga,
kaHlatshwayo wena lowacebise makhosi
Mgogodlana
Nin’enaqo’ibibutho lakwaGob’izembe
Ngele.
Ninela
Ninela
msawoni,
ganwa
magadlela!
mdlolo onhlokonde,
owafica ingoma ihlokoma
nhokozimphatha
gcogcololo
Nkosi!
Ludonga lukaMavuso,
Abay’eMbo babuyelela.
Abasidwaba weza nonina.
Abengomane yaseMavaneni,
Abaqed’uBombo ngokuhlehlezela,
AbakwaSibhahuza
SikaMabhanda eMpondweni.
Inkonekaz’evele ngobusw’emgedeni.
USamkethe, esinembay’emaLangeni,
UMswazi kaSobhuza.
Mlangeni!
Nina bakwaKusa nelanga
Nina bakwaWawawa.
Lokothwayo!
Sibalukhulu!
Nina beNgwane,
Nina besicoco sangenhlana.
Kunene!
Ntuli
Wena kaSompisi
Sothole, Gudukazi uyiNcwayo.
Khuboni,
Sompisi owaphemba ngamakhand’ amadoda,
Abanye bephemba ngomlilo.
Nina base Lenge,
Enabonakala ngefu lezintuli.
Kwabe kunguSompisi kaGuqa, kaMasalela.
Mazimuzimu enidla’ abantu.
Mgwabini wemikhonto,
Umahlatshwa ebuhleni njengethole.
Umagaju njengengwe.
Inhlangu eyeqa iphindaphinda.
Umanxeba angamanxuluma
Kwasa bemhlaba uGwabini, waphika.
Mphemba!
Lang’ elaphum’ endlebeni yendlovu,
Nyaka wumbe
Lophum’ endlebeni yengwenya.
Unonjiyelwa,
Kulala uhlangothi lubomvu.
Ugodo olumuka namankayiya.
Mgwabini wemikhonto,
Langa, Sompisi.
Nyoni
phoswa gengeshe,
gemase
chwensi
hlakahlela,
sgidi,
siba,
gwalagwala,
sophila,
giyoni,
wenungahlonywa bafokatane uhlonywa ngemakhosi;
wena mtiya mbili ingabamtsatfu iyadzabuka!
Qwabe
Qwabe!
Gumede!
Phakathwayo!
Mnguni!
Malandela!
Ntabani leyayaya kuNgoye Gumede!
Dluya Nguni kubeyethwe!
Shabane
Shabane,
Dwala,
Dwala ka Mbatshazwa,
Sembathwa, wena owabona itshe lembethe ingubo.
Phingoshe,
Sozwakade,
Gcagcabane,
Sochaya,
Lindabutho,
uNceshe olinde impi ngesinqindi somkhonto osebeni lomfula
Jongisa,
Mqhakama,
Ndlondlo eme ngomsila kwelaMpondo, eyawela umfula ngezembe
Bhovula,
Mabhala ngozipho abanye bebhalangamapensela. Majiya ojiya njengotshani
Zembelibomvu lokuhlahlela izinkomo.
Nina enabona isihlakothi sehla ngomfula nathi nansi inyama.
Nina bothala livuzinyama ngoba behlala bedla. Hleza goduka hleza kaMboli
Mdlovu omnyama.
Hleti elibomvu elimmbila mhlophe, wamuhlumuntu
Nina enigezela emadwaleni abanye begeza emaxhaphozini
Nina enaqeda uBombo ngokuhletetela
Nina baseSwatini,
Mhlambanyathi
Manyela indlela eyakulonina abuye ngenye. Nhlungu zahlula insunguzi
Ncincimane
Sithuba
Shazi
zindela,
bhayeka,
bombo,
sbhagubhagu,
mkhoto owaduma ekseni,
mguphane owashiswa ilanga wozela,
ncabakhulu,
malinga,
nonjonjo,
mkhosana,
mbabathwa,
Sibiya
Ndaba,
Gumede
Sibiya ngenkomo,
Abafokazana bebiya ngamahlahla!
Nina bakwankom’ isengelwa emaweni,
Ingasengelw’ esibayeni akuyon’ eyakhona.
Gumede kaNdaba
Mkhananda owafinyelela kubalondolozi,
Wemuka noGodokazi way’ eMfolozi.
UHhiya kwabanani,
Okwaphwekwa esendlini
Kwaze kwephulwa esendlini
Engazange afe kufudumala
Mgxebe!
Khathi!
Nina bakaSotobe kaMpangalala
Sikhosana
Sikhosana!
uMusi kaMhlanga
Novaphi
Nolinda, ulinda mkhotho njengeNsele
Mphandaphanda
Magwace!
Gwayiba
Hlahl’Ulundi lungenandlela lwaba nezindlelandlela
Zitsha ezinhle njengezokubolekwa
Mtungwa!
Gxamugxamu sikhumba seMpisi asibethelwa ekhaya ngoba izinkomo zizobovuka
Sokhulu
Zondo,
Mthiyane, Nqoboka,
Mnguni kaManekwane,
Skhangane esakhanga amadoda
Luvuno, Sokotshane
Ximba
Ximba,
Mlaba
Mabhoyi
Nodlela
Mbewumbili abanye bamhlophe abanye babomvana
nina enacaba isicaba ngokucazelana
Msuthu
Dumakude
Sambane phuma ehlathini kwenile kulele izingwe nezingonyama
Mthandi wabantu bengamthandi bethi bayamthanda kanti bayamkhohlisa
Njono wena wase Mdlangweni
Luvuno wena owavuna abaliwayo!
Zulu
Zulu,
Ndabezitha,
Mntwana,
Zulu kaMalandela ngokulandela izinkomo zamadoda,
Zulu omnyama ondlela zimhlophe,
Wena kaPhunga noMageba,
Wena kaMjokwane kaNdaba,
Wena wenkayishana kaMenzi eyaphuza umlaza ngameva,
S’thuli sikaNdaba,
S’thuli sikaNkombane,
Wena kasihhawuhhawu siyinkondlo bayikhuzile ngoba ikhuzwe abaphansi nabaphezulu,
Wena kanogwaja omuhle ngomlenze,
Wena kaMbambelashoba,
Ndabezitha!